Uqokiwe umqeqeshi omusha Wama Proteas Netbal

Sabie Chili

Inhlangano eyengamele inetball eningizimu Africa inetball South Africa isimqokile umqeqeshi omusha weqembu lesizwe amaProteas emva kokuhlukana noNorma Plummer emva kwendebe yomhlaba ebibanjelwe kuleli.

I NSA imemezele  Jenny Van Dyk njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe labesifazane.

Bekunezicelo ezine zabagaqele lomsebenzi kusukela yamemezela ukuthi ithungatha umqeqeshi omusha ngoNoveba wonyaka ophelile. 

U Van Dyk uzosizwa ngu Zanele Mdodana. 

Unomlando omuhle lomqeqeshi njengoba esenqobe izindebe eziningi okubalwa Isa National Championships, Varsity Cup, Telekom Netball League ukubalwa ezimbalwa, kanti ubeqeqesha iqembu le Netball le University of Pretoria elidlala ku Varsity Cup kanye ne lesizwe lika Under 21.

Umsizi wakhe Mdodana yena ubengu kapteni  Wama Proteas esadlala kanti ubeqeqesha ele Netball e-University of StellenBosch. 

Abaqeqeshi basayine izinkontileka ezizophela emva komqhudelwano wendebe yomhlaba ezobanjelwa Australia ngo 2027

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *